Saturday, December 10, 2011

Ngabe kusho ukuthini ukuqala unyaka omusha kuwe?

Ukuqala konyaka omusha kusho izinto eziningi kubantu abaningi. Kwabanye kusho ukwedlulela kwelinye izinga elingcono kunaleli ekade bekulo ngonyaka odlule, kwabanye kusho ukuqala kabusha nezinhlelo ekade bezenzile zangaphumelela kanti kwabanye kuyafana nje.
Sithanda noma singathandi impilo iyaqhubeka, lokho kusho ukuthi usuku lwanamuhla ngeke lufane nolwakusasa kanti lungafani noluphelile. Manje kubalulekile ukuthi umuntu akuhlelele ukuqala unyaka ukuze uphele azi ukuthi uzuzeni futhi kumele ashintshe kuphi ukuze impilo ibengcono. Abanye bethu bayeka izinto kuze kuphele isikhathi ekubeni umuntu ebengenza kahle uma kade ehlale phansi wahlela ukuthi ufunani empilweni futhi kumele athathe ini ayihlanganise nani ukuze abe uyaphumelela.
Abantu esibabona komabonakude nasemaphepheni ngelinye ilanga bazinikeza ithemba lokuthi “ kulonyaka ngizokwenza izinto zenzeke”. Abanye abazange baphumelele kepha bangalahla ithemba kwaze kwalunga. Kungani ungacabangi ukuthi nawe unamandla okwenza kwenzeke ngaphandle kokuthi uvelaphi nokuthi unani njengamanje. Unyaka mufishane uma uzodelela usuku, isonto kanye nenyanga. Zinikele ekutheni unyaka ka 2011 owakho futhi uzokwenza impilo yakho ibe yisibonelo esihle nakwabanye abantu. Uma ungakucabangi ukuthi ungakwenza kwenzeke ekekho ongakwenzela kwenzeke, libala amanxeba ka 2011 kepha zilungiselele u 2012 futhi uzitshele ukuthi noma kanjani ngizophumelela.
Bakwethu, masikhumbule ukuthi singabashayeli bempilo yethu. Ngeke sifike lapho esifuna ukufika khona uma singangeni esihlalweni somshayeli sisuse inqola yempumelelo. Kholelwa kuwe kanye nakunyaka ka 2012 ukuthi awufani neminye iminyaka nokuthi nawe awufani nabanye abantu ngalokho uzonqoba. “ ungahambi lapho kunendlela khona kepha hamba lapho ingekho khona ushiye indlela ngoba ukukholelwa ebuqhaweni kwenza amaqhawe”. Make uzibuze ukuthi lonyaka ka 2012 usho ukuthini kuwe nokuthi ukuphatheleni? Usaphendula ngithi ziphe ithuba kube kanye lokuphumelela empilweni.  
Ukuphumelela kwempilo yakho kuncike ekutheni uzibheka kanjani. Imicabango onayo ngawe kumele kube yileyo ungumuntu ophumelelayo noma ngabe yini oyenzayo. Ungalenzi iphutha lokubambelela kokubi okwenzakele empilweni yakho kepha zitshele ukuthi lesi yisikhathi sakho sempumelelo.
Uma udinga usizo mayelana nokuthile ngempilo yakho, ungathintana nami ukuze sicushisane. 
wwww.sibusisombhele.blogspot.com 
noma ku Facebook- Sibusiso Mbhele

1 comment:

  1. Iqiniso elingasoze laphikiswa ukuthi singabashayeli bezimpilo zethu,planning ahead yona ndlela kumina inyanga kadecember isikhathi esiningi ibingifica ngisemaholidini iyona engike, ngiyithathe ngicabange kahle ngokuthi ngempela yini engizimisele ngokuyifeza onyakeni ozayo,kuyimanje nje Sbu ngiphezukwako lokho , kuyasiza ngempela ngathi nabanye bengazifundisa bakwenze.

    ReplyDelete